1 Wonke u-Israyeli wabuthana kuDavide, wathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.
2 Nangesikhathi esidlulileyo uSawule eseyinkosi, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova uNkulunkulu wakho wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wabantu bami u-Israyeli.’ ”
3 Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.
4 UDavide naye wonke u-Israyeli baya eJerusalema eliyiJebusi; amaJebusi ayakhe kulelo zwe ayeselapho.