2 Nangesikhathi esidlulileyo uSawule eseyinkosi, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova uNkulunkulu wakho wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wabantu bami u-Israyeli.’ ”
3 Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.
4 UDavide naye wonke u-Israyeli baya eJerusalema eliyiJebusi; amaJebusi ayakhe kulelo zwe ayeselapho.
5 Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: “Awuyikungena lapha.” UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.
6 UDavide wathi: “Lowo ochitha amaJebusi kuqala uyakuba yinhloko nenduna.” Kwenyuka kuqala uJowabe indodana kaSeruya, waba yinhloko.
7 UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide.
8 Wakha umuzi nxazonke kusukela eMilo kuya nxazonke; uJowabe wavusa okuseleyo komuzi.