10 noMishimana owesine, noJeremiya owesihlanu,
11 no-Athayi owesithupha, no-Eliyeli owesikhombisa,
12 noJohanani owesishiyagalombili, no-Elizabadi owesishiyagalolunye,
13 noJeremiya oweshumi, noMakibanayi oweshumi nanye.
14 Lawo madodana kaGadi ayeyizinhloko zempi; encinyane kuwo yayilingana nekhulu, yalingana nenkulungwane.
15 Yilabo ababewela iJordani ngenyanga yokuqala, ligcwele liphuphuma zonke izingu zalo; baxosha bonke abasezigodini ngasempumalanga nangasentshonalanga.
16 Kwafika nabantwana bakwaBenjamini noJuda enqabeni kuDavide.