5 noJibari, no-Elishuwa, no-Elipheleti,
6 noNoga, noNefegi, noJafiya,
7 no-Elishama, noBeyeliyada, no-Elifeleti.
8 AmaFilisti esezwile ukuthi uDavide ugcotshiwe ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli wonke, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, waphuma ukuwahlasela.
9 AmaFilisti esefikile ukungenela isiGodi samaRefa,
10 uDavide wabuza kuNkulunkulu, wathi: “Ngenyukele ukuhlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?”UJehova wathi kuye: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.”
11 Base benyukela eBali Pherasimi, uDavide wawachitha; uDavide wathi: “UNkulunkulu ufohlele izitha zami ngesandla sami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.*