12 “Nina niyizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi; zingcweliseni nina nabafowenu ukuba niwukhuphulele umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endaweni engiyilungisele wona.
13 Ngokuba ngenxa yokungawuthwali kwenu kuqala uJehova uNkulunkulu wethu wafohla kithina, ngokuba singamfunanga njengomthetho.”
14 Base bezingcwelisa abapristi namaLevi ukuba bawukhuphule umphongolo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
15 Abantwana bamaLevi bawuthwala umphongolo kaNkulunkulu emahlombe abo ngezinti zawo njengokuyala kukaMose ngezwi likaJehova.
16 UDavide washo ezinduneni zamaLevi ukuba zibeke abafowabo abahlabeleli, benezinto zokubetha, izingubhu, namahabhu,* namasimbali,* bakubethe, baphakamise izwi labo ngokuthokoza.
17 AmaLevi ayesebeka uHemani indodana kaJoweli, nakubafowabo u-Asafa indodana kaBerekiya, nakumadodana kaMerari, abafowabo, u-Ethani indodana kaKushaya,
18 bekanye nabo abafowabo besigaba sesibili: oZakariya, noBeni, noJahaziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noBenaya, noMahaseya, noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, abalindisango,