23 OBerekiya no-Elkana babe ngabalindisango bomphongolo.
24 OShebaniya, noJehoshafati, noNethaneli, no-Amasayi, noZakariya, noBenaya, no-Eliyezeri, abapristi, bashaya amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu; o-Obede Edomi noJehiya babe ngabalindisango bomphongolo.
25 UDavide namalunga akwa-Israyeli nezinduna zezinkulungwane baya ukuwukhuphula umphongolo wesivumelwano sikaJehova endlini ka-Obede Edomi ngokuthokoza;
26 kwathi lapho uNkulunkulu esesizile amaLevi awuthwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, anikela ngezinkunzi eziyisikhombisa nangezinqama eziyisikhombisa.
27 UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo kanye nawo onke amaLevi ayethwala umphongolo, nabahlabeleli, noKhenaniya induna yokuthwala kwabahlabeleli; uDavide wayenengubo yamahlombe yelineni.
28 Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo umphongolo wesivumelwano sikaJehova ngokukhamuluka nangezwi lomtshingo, nangamacilongo, nangamasimbali,* ebetha izingubhu namahabhu.*
29 Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaJehova usungena emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide isina, idlala; wayidelela enhliziyweni yakhe.