22 ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami,ningoni abaprofethi bami.”
23 Hlabelelani kuJehova,mhlaba wonke,nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.
24 Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe,izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.
25 Ngokuba mkhulu uJehova,udumisekile kakhulu;uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.
26 Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,kepha uJehova walenza izulu.
27 Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;amandla nokuthokoza kusendaweni yakhe.
28 Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu,mnikeni uJehova inkazimulo namandla.