24 Landani inkazimulo yakhe phakathi kwabezizwe,izimangaliso zakhe phakathi kwabantu bonke.
25 Ngokuba mkhulu uJehova,udumisekile kakhulu;uyesabeka phezu kwabo bonke onkulunkulu.
26 Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe,kepha uJehova walenza izulu.
27 Udumo nobukhosi kusebusweni bakhe;amandla nokuthokoza kusendaweni yakhe.
28 Mnikeni uJehova nina mindeni yabantu,mnikeni uJehova inkazimulo namandla.
29 Mnikeni uJehova inkazimulo yegama lakhe,nilethe umnikelo,nize phambi kwakhe,nikhuleke kuJehova ngobuhle bobungcwele.
30 Thuthumelani ebusweni bakhe,mhlaba wonke;izwe lihlala liqinile,alinakushukunyiswa.