33 Khona imithi yehlathi iyakuhuba ngokujabulaebusweni bukaJehova,ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba.
34 Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.
35 Thanini: “Sisindise,Nkulunkulu wokusindiswa kwethu,usibuthe, usophule kwabezizweukuba sidumise igama lakho elingcwele,sethabe ekukudumiseni.”
36 Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli,kusukela phakade kuze kube phakade.Bonke abantu bathi: “Amen,” bamdumisa uJehova.
37 Wayeseshiya khona ngaphambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova u-Asafa nabafowabo ukuba bakhonze phambi komphongolo njalo ngokomsebenzi wemihla ngemihla,
38 kanye no-Obede Edomi nabafowabo abangamashumi ayisithupha nesishiyagalombili u-Obede Edomi indodana kaJeduthuni noHosa babe ngabalindisango
39 noSadoki umpristi nabafowabo abapristi ngaphambi kwetabernakele* likaJehova endaweni ephakemeyo eyayiseGibeyoni