35 Thanini: “Sisindise,Nkulunkulu wokusindiswa kwethu,usibuthe, usophule kwabezizweukuba sidumise igama lakho elingcwele,sethabe ekukudumiseni.”
36 Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli,kusukela phakade kuze kube phakade.Bonke abantu bathi: “Amen,” bamdumisa uJehova.
37 Wayeseshiya khona ngaphambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova u-Asafa nabafowabo ukuba bakhonze phambi komphongolo njalo ngokomsebenzi wemihla ngemihla,
38 kanye no-Obede Edomi nabafowabo abangamashumi ayisithupha nesishiyagalombili u-Obede Edomi indodana kaJeduthuni noHosa babe ngabalindisango
39 noSadoki umpristi nabafowabo abapristi ngaphambi kwetabernakele* likaJehova endaweni ephakemeyo eyayiseGibeyoni
40 ukuba banikele njalo ngeminikelo yokushiswa phezu kwe-altare lomnikelo wokushiswa ekuseni nakusihlwa njengakho konke okulotshiweyo emthethweni kaJehova ayala ngawo u-Israyeli,
41 bekanye nabo oHemani noJeduthuni nensali yabakhethiweyo abakhonjwa ngamagama ukuba bambonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade;