37 Wayeseshiya khona ngaphambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova u-Asafa nabafowabo ukuba bakhonze phambi komphongolo njalo ngokomsebenzi wemihla ngemihla,
38 kanye no-Obede Edomi nabafowabo abangamashumi ayisithupha nesishiyagalombili u-Obede Edomi indodana kaJeduthuni noHosa babe ngabalindisango
39 noSadoki umpristi nabafowabo abapristi ngaphambi kwetabernakele* likaJehova endaweni ephakemeyo eyayiseGibeyoni
40 ukuba banikele njalo ngeminikelo yokushiswa phezu kwe-altare lomnikelo wokushiswa ekuseni nakusihlwa njengakho konke okulotshiweyo emthethweni kaJehova ayala ngawo u-Israyeli,
41 bekanye nabo oHemani noJeduthuni nensali yabakhethiweyo abakhonjwa ngamagama ukuba bambonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade;
42 kwakukhona kubo, oHemani noJeduthuni, amacilongo namasimbali* alabo abayakuwakhalisa, nezinto zokubethwa kuNkulunkulu; amadodana kaJeduthuni ayengasesangweni.
43 Base behamba baya, kwaba yilowo nalowo endlini yakhe; uDavide wabuya ukubusisa indlu yakhe.