1 Kwathi lapho uDavide esehlezi endlini yakhe, uDavide wathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova uphansi kwezilenge.”
2 UNathani wathi kuDavide: “Yenza konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu unawe.”
3 Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaNkulunkulu lafika kuNathani, lathi:
4 “Hamba utshele uDavide inceku yami ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Awuyikungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo,
5 ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla, kepha ngangisematendeni, nasematabernakele* ngamatabernakele.