3 Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaNkulunkulu lafika kuNathani, lathi:
4 “Hamba utshele uDavide inceku yami ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Awuyikungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo,
5 ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla, kepha ngangisematendeni, nasematabernakele* ngamatabernakele.
6 Ezindaweni zonke engihambahambe kuzo naye wonke u-Israyeli ngake ngakhuluma yini izwi nakoyedwa wabahluleli bakwa-Israyeli engabayala ukuba baluse abantu bami, ngathi: “Aningakhelanga ngani indlu yemisedari* na?” ’
7 “Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami uDavide, uthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Mina ngakuthatha edlelweni ekwaluseni izimvu ukuba ube ngumbusi wabantu bami u-Israyeli;
8 nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama njengamagama abakhulu abasemhlabeni.
9 Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubachitha njengakuqala,