1 Kwathi emva kwalokho uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni wafa, indodana yakhe yaba yinkosi esikhundleni sakhe.
2 UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni, indodana kaNahashi, ngokuba uyise wangenzela umusa.” UDavide wayesethuma izithunywa ukumduduza ngoyise. Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni kuHanuni ukumduduza.
3 Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni: “Imbala ngokubona kwakho uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? Azifikanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuchithe, ziwuhlole, na?”
4 UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide, waziphucula, wahina izingubo zazo phakathi, kwaze kwaba sezinqeni zazo, wazimukisa.