26 UJerameli wayenomunye umfazi ogama lakhe lalingu-Athara; wayengunina ka-Onamu.
27 Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, ayengoMahasi, noJamini, no-Ekheri.
28 Amadodana ka-Onamu ayengoShamayi noJada; amadodana kaShamayi: ngoNadabi no-Abishuri.
29 Igama lomka-Abishuri lalingu-Abihayili; wamzalela o-Ahibani noMolidi.
30 Amadodana kaNadabi: ngoSeledi no-Aphayimi; kepha uSeledi wafa engenabantwana.
31 Amadodana ka-Aphayimi: ngu-Ishi; amadodana ka-Ishi: nguSheshani; amadodana kaSheshani: ngu-Ahilayi.
32 Amadodana kaJada umfowabo kaShamayi: ngoJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenabantwana.