4 UTamari umalokazana wakhe wamzalela oPheresi noZera. Onke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.
5 Amadodana kaPheresi: ngoHesironi noHamule.
6 Amadodana kaZera: ngoZimri, no-Ethani, noHemani, noKalikoli, noDara, eyisihlanu onke.
7 Amadodana kaKarmi: ngo-Akari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo.
8 Amadodana ka-Ethani: ngu-Azariya.
9 Amadodana kaHesironi awazalelwayo: ngoJerameli, noRamu, noKelubayi.
10 URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabantwana bakwaJuda;