10 “Hamba ukhulume kuDavide ngokuthi: ‘UJehova usho kanje, uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona.’ ”
11 UGadi wayesefika kuDavide, wathi kuye: “UJehova usho kanje, uthi:
12 ‘Zikhethele noma indlala yeminyaka emithathu, noma ukuchithwa yizitha zakho izinyanga ezintathu uficwa yinkemba yezitha zakho, noma izinsuku ezintathu zenkemba kaJehova nesifo ezweni, ingelosi kaJehova ichithe emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli.’ Manje zibonele izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.”
13 UDavide wathi kuGadi: “Nginosizi kakhulu; mangiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.”
14 UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli; kwafa kwa-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa.
15 UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukulichitha; kwathi lapho isalichitha, uJehova wabuka, wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini echithayo: “Sekwanele; buyisa isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani umJebusi.
16 UDavide wayesephakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi emkhathini womhlaba nezulu, inenkemba ehoshiweyo esandleni sayo, yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga bembethe izindwangu zamasaka bawa ngobuso babo.