27 UJehova wayiyala ingelosi; yabuyisela inkemba yayo emgodleni wayo.
28 Ngaleso sikhathi lapho uDavide esebonile ukuthi uJehova umphendulile esibuyeni sika-Orinani umJebusi, wahlaba khona.
29 Ngokuba itabernakele* likaJehova alenza uMose ehlane ne-altare lomnikelo wokushiswa kwakusendaweni ephakemeyo eGibeyoni ngaleso sikhathi.
30 Kepha uDavide wayengenakuya phambi kwalo ukubuza kuNkulunkulu, ngokuba wagebhezelela inkemba yengelosi kaJehova.