1 UDavide wathi: “Le iyindlu kaJehova uNkulunkulu, leli liyi-altare lomnikelo wokushiswa ka-Israyeli.”
2 UDavide wayala ukuba babuthe bonke abafokazi ababe sezweni lakwa-Israyeli, wabeka abakhi ukubaza amatshe axhoziweyo ukuba bakhe indlu kaNkulunkulu.
3 UDavide walungisa insimbi eningi yezipikili zezivalo zamasango nezokuhlanganisa, kanye nethusi eliningi elingenakulinganiswa,
4 nemisedari* engenakubalwa, ngokuba amaSidoni nabaseTire baletha imisedari eminingi kuDavide.