1 UDavide wayesemdala, esanelisiwe yizinsuku; wambeka uSolomoni indodana yakhe abe yinkosi kwa-Israyeli.
2 Wabutha zonke izikhulu zakwa-Israyeli kanye nabapristi namaLevi.
3 AmaLevi abalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu; umumo wawo ngezinhloko zawo, indoda ngendoda, wawuyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesishiyagalombili.
4 Ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nane kuwona ayengawokwengamela umsebenzi wendlu kaJehova; izinkulungwane eziyisithupha zaziyizinduna nabahluleli;
5 izinkulungwane ezine zazingabalindisango; izinkulungwane ezine ziyakudumisa uJehova ngezinto zokubethwa engazenzayo, washo uDavide, ukuba zidumise ngazo.
6 UDavide wabahlukanisa ngezigaba njengamadodana kaLevi: oGereshoni, noKohati, noMerari.
7 KumaGereshoni: ngoLadani noShimeyi.