1 Nazi izigaba zamadodana ka-Aroni: amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
2 Kepha oNadabi no-Abihu bandulela uyise ukufa, bengenabantwana; ngalokho o-Eleyazare no-Itamari kuphela babe ngabapristi.
3 ODavide, noSadoki wamadodana ka-Eleyazare, no-Ahimeleki wamadodana ka-Itamari babahlukanisa ngezigaba zabo njengenkonzo yabo.
4 Kwafunyaniswa emadodaneni ka-Eleyazare amadoda amaningi ayizinhloko kunasemadodaneni ka-Itamari; bahlukaniswa kanje: emadodaneni ka-Eleyazare kwakukhona abayishumi nesithupha abayizinhloko zezindlu zawoyise, nasemadodaneni ka-Itamari babe yisishiyagalombili njengezindlu zawoyise.