24 Amadodana ka-Uziyeli: nguMika; emadodaneni kaMika: nguShamiri.
25 Umfowabo kaMika: nguJishiya; emadodaneni kaJishiya: nguZakariya.
26 Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi; amadodana kaJahaziya: nguBeno.
27 Amadodana kaMerari: ngoJahaziya, noBeno, noShohamu, noZakuri, no-Ibiri.
28 KuMaheli: ngu-Eleyazare, owayengenabantwana.
29 KuKishi, kungamadodana kaKishi: nguJerameli.
30 Amadodana kaMushi: ngoMaheli, no-Edere, noJerimoti. Yilabo ababe ngamadodana amaLevi ngezindlu zawoyise.