1 UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu,* nangezingubhu, nangamasimbali;* umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje:
2 emadodaneni ka-Asafa: ngoZakuri, noJosefa, noNethaniya, no-Asharela, amadodana ka-Asafa, phansi kwezandla zika-Asafa owaprofetha ngezandla zenkosi.
3 KuJeduthuni: amadodana kaJeduthuni: ngoGedaliya, noSeri, noJeshaya, noShimeyi, noHashabiya, noMatithiya, bebayisithupha, phansi kwezandla zikayise uJeduthuni owaprofetha ngehabhu* ngokubonga nangokudumisa uJehova.
4 KuHemani: amadodana kaHemani: ngoBukiya, noMathaniya, no-Uziyeli, noShebuweli, noJerimoti, noHananiya, noHanani, no-Eliyatha, noGidaliti, noRomamiti Ezeri, noJoshibekasha, noMaloti, noHothiri, noMahaziyoti;