6 Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali,* nangezingubhu, nangamahabu* enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi.
7 Umumo wabo kanye nabafowabo ababefundisiwe ukuhlabelela kuJehova nabayizazi wawungamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili.
8 Benza inkatho ngenkonzo, omunye ngomunye, omncane njengomkhulu, isazi nomfundi.
9 Inkatho yokuqala yadla uJosefa ka-Asafa, neyesibili uGedaliya; yena nabafowabo namadodana akhe babe yishumi nambili;
10 eyesithathu uZakuri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
11 eyesine uJisiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;
12 eyesihlanu uNethaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;