8 Bonke labo babe ngamadodana ka-Obede Edomi, bona namadodana abo nabafowabo, amadoda aqinileyo anamandla enkonzweni, engamashumi ayisithupha nambili ka-Obede Edomi.
9 UMeshelemiya wayenamadodana nabafowabo, amadoda anamandla, eyishumi nesishiyagalombili.
10 Naye uHosa wabantwana bakwaMerari wayenamadodana: nguShimri inhloko noma wayengesilo izibulo, uyise wambeka waba yinhloko
11 noHilikiya owesibili, noThebaliya owesithathu, noZakariya owesine; onke amadodana nabafowabo bakaHosa babe yishumi nantathu.
12 Lezo zigaba zabalindisango, izinhloko zabantu, zaba nemfanelo yazo njengabafowabo ukukhonza endlini kaJehova.
13 Benza inkatho yesango ngesango, omncane njengomkhulu, ngezindlu zawoyise.
14 Inkatho yasempumalanga yadla uShelemiya. Base benza inkatho ngoZakariya indodana yakhe, umluleki ohlakaniphileyo; wadliwa yinkatho yasenyakatho.