18 nange-altare lempepho legolide elicwengekileyo isisindo salo, nesifanekiso senqola, namakherubi* egolide ayelula amaphiko awo, asibekela umphongolo wesivumelwano sikaJehova.
19 “Konke lokho,” washo uDavide, “ngikuqondisiwe ngokubhalwe ngesandla sikaJehova, yebo, wonke umsebenzi walesi sifanekiso.”
20 Wayesethi uDavide kuSolomoni indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe; akayikukuyeka, akayikukushiya uze uphele wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.
21 Nazi izigaba zabapristi nezamaLevi zazo zonke izinkonzo zendlu kaNkulunkulu; kuyakuba nawe emsebenzini wonke abantu abazinikela ngenhliziyo naba yizingcweti ezinkonzweni zonke; nezikhulu nabantu bonke bayakulalela konke okukhulumayo.”