3 Kepha wayesethi uNkulunkulu kimi: ‘Awuyikwakhela igama lami indlu, ngokuba uyindoda yempi, uchithile igazi.’
4 “Kodwa uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wangikhetha endlini yonke kababa ukuba ngibe yinkosi kwa-Israyeli kuze kube phakade; ngokuba ukhethile uJuda ukuba abe ngumbusi, nasendlini kaJuda indlu kababa, naphakathi kwamadodana kababa wangenamela mina ukuba angibeke inkosi kwa-Israyeli wonke,
5 nasemadodaneni ami onke, ngokuba uJehova ungiphe amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni indodana yami ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaJehova kwa-Israyeli.
6 Wathi kimi: ‘USolomoni indodana yakho nguye oyakwakha indlu yami namagceke ami, ngokuba ngimkhethile ukuba abe yindodana yami, mina ngibe nguyise.
7 Ngiyakuqinisa umbuso wakhe kuze kube phakade, uma eqinisela ukwenza imiyalo yami nezahlulelo zami njenganamuhla.’
8 “Ngalokho emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, ibandla likaJehova, nasezindlebeni zikaNkulunkulu wethu funani nigcine yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu ukuba nidle leli zwe elihle, nilishiye libe yifa labantwana benu emva kwenu kuze kube phakade.
9 “Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.