1 UDavide inkosi wathi kulo lonke ibandla: “USolomoni indodana yami, oyedwa uNkulunkulu amkhethileyo, usengumfana, usathambile, nomsebenzi mkhulu, ngokuba ithempeli alisilo elomuntu kepha ngelikaJehova uNkulunkulu.
2 Sengilungisele indlu kaNkulunkulu wami ngamandla ami onke igolide lokwegolide, nesiliva lokwesiliva, nethusi lokwethusi, nensimbi yokwensimbi, nemithi yokwemithi, namatshe amashohamu* nawokufakwa, namatshe ahlobisayo nanemibala eyahlukeneyo, nezinhlobo zonke zamatshe ayigugu, namatshe amhlophe amaningi.
3 Futhi njengokuba ngiyenamela indlu kaNkulunkulu wami, nginengcebo yegolide nesiliva, ngiyanika indlu kaNkulunkulu wami yona phezu kwakho konke engikulungisele indlu engcwele,
4 amatalenta* ayizinkulungwane ezintathu egolide, igolide lase-Ofiri, namatalenta ayizinkulungwane eziyisikhombisa esiliva elicwengekileyo ukunameka ngalo izindonga zezindlu,