19 unike uSolomoni indodana yami inhliziyo epheleleyo ukuba agcine imiyalo yakho, nobufakazi bakho, nezimiso zakho, nokwenza konke lokhu, nokwakha ithempeli engililungiseleyo.”
20 UDavide wathi kulo lonke ibandla: “Ake nibonge uJehova uNkulunkulu wenu.” Lonke ibandla lambonga uJehova uNkulunkulu wawoyise, lakhothama, lakhuleka kuJehova nasenkosini.
21 Bamhlabela uJehova imihlatshelo, banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova ngangomuso emva kwalolo suku, izinkunzi eziyinkulungwane, nezinqama eziyinkulungwane, namawundlu ayinkulungwane kanye neminikelo yakho yokuphuzwa, nemihlatshelo eminingi ngo-Israyeli wonke;
22 badla, baphuza phambi kukaJehova ngalolo suku ngokuthokoza okukhulu. Bambeka uSolomoni indodana kaDavide inkosi ngokwesibili, bamgcobela uJehova ukuba abe ngumholi, uSadoki abe ngumpristi.
23 USolomoni wayesehlala esihlalweni sobukhosi sikaJehova njengenkosi esikhundleni sikaDavide uyise, waba nenhlanhla; wonke u-Israyeli wamlalela.
24 Zonke izikhulu, namaqhawe, nawo onke amadodana enkosi uDavide bazithoba phansi kukaSolomoni inkosi.
25 UJehova wamkhulisa uSolomoni kakhulu emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, wamnika udumo lobukhosi olungazange lube khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli phambi kwakhe.