27 Isikhathi abusa ngaso phezu kuka-Israyeli sasiyiminyaka engamashumi amane; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, nengamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema.
28 Wafa esemdala, esanelisiwe yizinsuku nengcebo nodumo; uSolomoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
29 Izenzo zikaDavide inkosi, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zikaSamuweli umboni, nasencwadini yezindaba zikaNathani umprofethi, nasencwadini yezindaba zikaGadi umboni,
30 kanye nakho konke ukubusa kwakhe, namandla akhe, nezehlo ezamehlelayo yena no-Israyeli, kanye nayo yonke imibuso namazwe.