5 igolide lokwegolide, isiliva lokwesiliva, yebo, kuwo wonke umsebenzi wezandla zezingcweti. Ngubani, pho, othokozela namuhla ukuzahlukanisela uJehova na?”
6 Zase zinikela ngenhliziyo izikhulu zawoyise, nezikhulu zezizwe zakwa-Israyeli, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu kanye nezinduna zomsebenzi wenkosi;
7 zanikela enkonzweni yendlu kaNkulunkulu amatalenta* ayizinkulungwane eziyisihlanu egolide, namadarike* ayizinkulungwane eziyishumi, namatalenta ayizinkulungwane eziyishumi esiliva, namatalenta ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili ethusi, namatalenta ayizinkulungwane eziyikhulu ensimbi.
8 Ababe namatshe bawanikela engcebeni yendlu kaJehova phansi kwesandla sikaJehiyeli umGereshoni.
9 Abantu bajabula ngokunikela kwabo ngenhliziyo, ngokuba banikela ngenhliziyo epheleleyo kuJehova; naye uDavide inkosi wajabula ngokujabula okukhulu.
10 UDavide wayesebonga uJehova phambi kwebandla lonke; uDavide wathi: “Mawubongwe wena Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli ubaba kuze kube phakade.
11 Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.