1 Amadodana kaJuda: ngoPheresi, noHesironi, noKarmi, noHure, noShobali.
2 URewaya indodana kaShobali wazala uJahati; uJahati wazala o-Ahumayi noLahadi. Leyo yayiyimindeni yamaSorati.
3 Yilaba abangabakayise ka-Etamu: oJizreyeli, no-Ishima, no-Idibashi, igama likadadewabo lalinguHaseleliponi
4 noPhenuweli, uyise kaGedori, no-Ezeri, uyise kaHusha. Yilabo ababe ngamadodana kaHure izibulo lika-Efratha, uyise kaBetlehema.
5 U-Ashuri uyise kaThekhowa wayenabafazi ababili, oHela noNahara.