14 UMehonothayi wazala u-Ofira; uSeraya wazala uJowabe uyise wesigodi sabakhandi, ngokuba babe ngabakhandi.
15 Amadodana kaKalebi indodana kaJefune: ngo-Iru, no-Ela, noNahamu, namadodana ka-Ela, noKenazi.
16 Amadodana kaJehaleli: ngoZifi, noZifa, noThiriya, no-Asareli.
17 Amadodana ka-Ezra: ngoJetheri, noMeredi, no-Eferi, noJaloni; wazala oMiriyamu, noShamayi, no-Ishiba uyise ka-Eshitemowa.
18 Umkakhe umJudakazi wazala uJeredi uyise kaGedori, noHebere uyise kaSoko, noJekuthiyeli uyise kaZanowa. Kepha abanye babe ngamadodana kaBithiya indodakazi kaFaro eyathathwa nguMeredi.
19 Amadodana omkaHodiya udadewabo kaNahamu ayenguyise kaKeyila umGarimi no-Eshitemowa umMahakha.
20 Amadodana kaShimoni: ngo-Amnoni, noRina, noBeni Hanani, noThiloni. Amadodana ka-Ishi: ngoZoheti noBeni Zoheti.