3 Yilaba abangabakayise ka-Etamu: oJizreyeli, no-Ishima, no-Idibashi, igama likadadewabo lalinguHaseleliponi
4 noPhenuweli, uyise kaGedori, no-Ezeri, uyise kaHusha. Yilabo ababe ngamadodana kaHure izibulo lika-Efratha, uyise kaBetlehema.
5 U-Ashuri uyise kaThekhowa wayenabafazi ababili, oHela noNahara.
6 UNahara wamzalela o-Ahuzamu, noHeferi, noThemeni, noHawahashitari. Yilabo ababe ngamadodana kaNahara.
7 Amadodana kaHela: ngoSereti, noJisihari, no-Ethinani.
8 UKhosi wazala o-Anubi, noSobeba, nemindeni ka-Ahariheli indodana kaHarumu.
9 UJabesi wayetuseka kunabafowabo; unina wamqamba igama lokuthi uJabesi,* ethi: “Ngokuba ngamzala ngibuhlungu.”