34 Futhi oMeshobabi, noJamileki, noJosha indodana ka-Amasiya,
35 noJoweli, noJehu kaJoshibiya kaSeraya ka-Asiyeli,
36 no-Eliyohenayi, noJahakhoba, noJeshohaya, no-Asaya, no-Adiyeli, noJesimiyeli, noBenaya,
37 noZiza kaShifi ka-Aloni kaJedaya kaShimri kaShemaya.
38 Labo ababizwe ngamagama babeyizikhulu emindenini yabo; izindlu zawoyise zanda kakhulu.
39 Baya ngasekungeneni eGedori ngasohlangothini lwasempumalanga kwesigodi ukufunela izimvu zabo idlelo.
40 Bafumana idlelo elivundileyo nelihle; izwe lalibanzi nxazombili, lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala babe ngabakwaHamu.