8 UKhosi wazala o-Anubi, noSobeba, nemindeni ka-Ahariheli indodana kaHarumu.
9 UJabesi wayetuseka kunabafowabo; unina wamqamba igama lokuthi uJabesi,* ethi: “Ngokuba ngamzala ngibuhlungu.”
10 UJabesi wabiza uNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umkhawulo wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa ngubuhlungu.” UNkulunkulu wamnika akucelayo.
11 UKelubi umfowabo kaShuba wazala uMehiri owayenguyise ka-Eshitoni.
12 U-Eshitoni wazala uBeti Rafa, noPhaseya, noThehina uyise ka-Iri Nahashi. Yilabo ababe ngamadodana kaRekha.
13 Amadodana kaKenazi: ngo-Otheniyeli noSeraya; amadodana ka-Otheniyeli: nguHathati.
14 UMehonothayi wazala u-Ofira; uSeraya wazala uJowabe uyise wesigodi sabakhandi, ngokuba babe ngabakhandi.