10 Emihleni kaSawule baphaka impi kumaHagiri, awa ngesandla sabo; bahlala ematendeni abo ngasempumalanga yonke yakwaGileyadi.
11 Amadodana kaGadi ahlala malungana nabo ezweni laseBashani kwaze kwaba seSaleka:
12 ngoJoweli inhloko, noShafamu owesibili, noJahanayi, noShafati eBashani;
13 nabafowabo ngezindlu zawoyise: ngoMikayeli, noMeshulamu, noSheba, noJorayi, noJakani, noZiya, no-Ebere, beyisikhombisa.
14 Labo babe ngamadodana ka-Abihayili kaHuri kaJarowa kaGileyadi kaMikayeli kaJeshishayi kaJahido kaBuzi;
15 u-Ahi ka-Abidiyeli kaGuni wayeyinhloko yezindlu zawoyise.
16 Bahlala kwaGileyadi eBashani nasemizini yalo nasemadlelweni onke aseSharoni kwaze kwaba semikhawulweni yawo.