11 Amadodana kaGadi ahlala malungana nabo ezweni laseBashani kwaze kwaba seSaleka:
12 ngoJoweli inhloko, noShafamu owesibili, noJahanayi, noShafati eBashani;
13 nabafowabo ngezindlu zawoyise: ngoMikayeli, noMeshulamu, noSheba, noJorayi, noJakani, noZiya, no-Ebere, beyisikhombisa.
14 Labo babe ngamadodana ka-Abihayili kaHuri kaJarowa kaGileyadi kaMikayeli kaJeshishayi kaJahido kaBuzi;
15 u-Ahi ka-Abidiyeli kaGuni wayeyinhloko yezindlu zawoyise.
16 Bahlala kwaGileyadi eBashani nasemizini yalo nasemadlelweni onke aseSharoni kwaze kwaba semikhawulweni yawo.
17 Bonke labo babhalwa ngezizukulwane zabo emihleni kaJothamu inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli.