26 UNkulunkulu ka-Israyeli wavusa umoya kaPhuli inkosi yase-Asiriya nomoya kaThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wabathumba: abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, wabayisa eHala, naseHabori, naseHara, nasemfuleni iGozani kuze kube namuhla.