50 Nanka amadodana ka-Aroni: u-Eleyazare indodana yakhe, noFinehasi indodana yakhe, no-Abishuwa indodana yakhe,
51 noBuki indodana yakhe, no-Uzi indodana yakhe, noZeraya indodana yakhe,
52 noMerayoti indodana yakhe, no-Amariya indodana yakhe, no-Ahithubi indodana yakhe,
53 noSadoki indodana yakhe, no-Ahimahasi indodana yakhe.
54 Lezi ziyizindawo zawo zokuhlala njengamakamu* awo emikhawulweni yawo: amadodana ka-Aroni emindeni yamaKohati ngokuba yiwona adliwa yinkatho yokuqala
55 wona bawanika iHebroni ezweni lakwaJuda namadlelo alizungezayo.
56 Kodwa amasimu omuzi nemizana yawo bakunika uKalebi, indodana kaJefune.