53 noSadoki indodana yakhe, no-Ahimahasi indodana yakhe.
54 Lezi ziyizindawo zawo zokuhlala njengamakamu* awo emikhawulweni yawo: amadodana ka-Aroni emindeni yamaKohati ngokuba yiwona adliwa yinkatho yokuqala
55 wona bawanika iHebroni ezweni lakwaJuda namadlelo alizungezayo.
56 Kodwa amasimu omuzi nemizana yawo bakunika uKalebi, indodana kaJefune.
57 Banika amadodana ka-Aroni imizi yokuphephela, iHebroni neLibina namadlelo awo, neJatiri, ne-Eshitemowa namadlelo awo,
58 neHileni namadlelo alo, neDebiri namadlelo alo,
59 ne-Ashani namadlelo alo, neBetiShemeshi namadlelo alo,