9 u-Ahimahasi wazala u-Azariya; u-Azariya wazala uJohanani;
10 uJohanani wazala u-Azariya; nguye owayengumpristi ethempelini elakhiwa nguSolomoni eJerusalema;
11 u-Azariya wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi;
12 u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala uShalumi;
13 uShalumi wazala uHilikiya; uHilikiya wazala u-Azariya;
14 u-Azariya wazala uSeraya; uSeraya wazala uJehosadaki;
15 kepha uJehosadaki wamuka lapho uJehova ethumba uJuda neJerusalema ngesandla sikaNebukadinesari.