1 Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuwa, noJashubi, noShimroni, bebane.
2 Amadodana kaThola: ngo-Uzi, noRefaya, noJeriyeli, noJahemayi, no-Ibisamu, noShemuweli, izinhloko zezindlu zawoyise, abakwaThola, amaqhawe anamandla ngezizukulwane zawo; umumo wawo ngezinsuku zikaDavide wawuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu ayisithupha.
3 Amadodana ka-Uzi: nguJizirahiya; amadodana kaJizirahiya: ngoMikayeli, no-Obadiya, noJoweli, noJishiya, beyisihlanu, beyizinhloko bonke.
4 Kanye nawo kwakukhona ngezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise amaviyo empi yokulwa, abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, ngokuba babe nabafazi abaningi namadodana amaningi.