20 Amadodana ka-Efrayimi: ngoShuthela, noBeredi indodana yakhe, noTahati indodana yakhe, no-Eleyada indodana yakhe, noTahati indodana yakhe,
21 noZabadi indodana yakhe, noShuthela indodana yakhe, no-Ezeri no-Eleyadi ababulawa ngabantu baseGati ababezelwe kulelo zwe, ngokuba behla ukuthatha izinkomo zabo.
22 U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza ukumduduza.
23 Wangena kumkakhe; wamitha, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uBeriya,* ngokuba indlu yakhe yayisengozini.
24 Indodakazi yakhe yayinguSheyera owakha iBeti Horoni laseNzansi nelaseNhla, ne-Uzeni Sheyera.
25 URefa wayeyindodana yakhe, noReshefi, noThela indodana yakhe, noThahani indodana yakhe,
26 noLadani indodana yakhe, no-Amihudi indodana yakhe, no-Elishama indodana yakhe,