35 Amadodana kaHelemi umfowabo: ngoSofa, noJimna, noSheleshi, no-Amali.
36 Amadodana kaSofa: ngoShuwa, noHarineferi, noShuhali, noBeri, no-Imra,
37 noBeseri, noHodi, noShama, noShilisha, noJitrani, noBeyera.
38 Amadodana kaJetheri: ngoJefune, noPhisipha, no-Ara.
39 Amadodana ka-Ula: ngo-Ara, noHaniyeli, noRisiya.
40 Bonke labo babe ngabantwana baka-Asheri, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe akhethekileyo anamandla, izinhloko zezikhulu. Umumo wabo ubhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini wawungabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha.