4 no-Abishuwa, noNahamani, no-Ahowa,
5 noGera, noShefufani, noHuramu.
6 Nanka amadodana ka-Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zabakhe eGeba, ezathunjelwa eManahati,
7 zathunjwa ngoNahamani, no-Ahiya, noGera owazala o-Uza no-Ahihudi.
8 UShaharayimi wazala abantwana ezweni lakwaMowabi esemukisile oHushimi noBahara omkakhe.
9 Wazala kuHodeshi umkakhe oJobabi, noSibiya, noMesha, noMalikamu,
10 noJewuse, noShakiya, noMirima. Labo babe ngamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise.