7 zathunjwa ngoNahamani, no-Ahiya, noGera owazala o-Uza no-Ahihudi.
8 UShaharayimi wazala abantwana ezweni lakwaMowabi esemukisile oHushimi noBahara omkakhe.
9 Wazala kuHodeshi umkakhe oJobabi, noSibiya, noMesha, noMalikamu,
10 noJewuse, noShakiya, noMirima. Labo babe ngamadodana akhe, izinhloko zezindlu zawoyise.
11 Wazala kuHushimi o-Abithubi no-Eliphahali.
12 Amadodana ka-Eliphahali: ngo-Ebere, noMishamu, noShemedi, abakha i-Ono neLodi nemizana yawo,
13 noBeriya, noShema, ababe yizinhloko zezindlu zawoyise zabakhe e-Ajaloni, abaxosha abakhe eGati;