15 noBakibakari, noHereshi, noGalali, noMathaniya kaMika kaZikiri ka-Asafa,
16 no-Obadiya kaShemaya kaGalali kaJeduthuni, noBerekiya ka-Asa ka-Elkana owahlala emizaneni yamaNethofa,
17 nabalindisango oShalumi, no-Akubi, noThalimoni, no-Ahimani, nabafowabo; uShalumi wayeyinhloko.
18 Kwaze kwaba kuleso sikhathi babe sesangweni lenkosi ngasempumalanga; babe ngabalindisango bekamu* labantwana bakwaLevi.
19 UShalumi kaKore ka-Ebiyasafa kaKora, nabafowabo bendlu kayise, amaKorahi, babephethe umsebenzi wenkonzo, bengabalindisango etabernakele;* oyise babemele ikamu* likaJehova bengabalindisango.
20 UFinehasi indodana ka-Eleyazare wayengumbusi phezu kwabo ngesikhathi esidlulileyo. UJehova wayenaye.
21 UZakariya indodana kaMeshelemiya wayengumlindisango etendeni lokuhlangana.