18 Kwaze kwaba kuleso sikhathi babe sesangweni lenkosi ngasempumalanga; babe ngabalindisango bekamu* labantwana bakwaLevi.
19 UShalumi kaKore ka-Ebiyasafa kaKora, nabafowabo bendlu kayise, amaKorahi, babephethe umsebenzi wenkonzo, bengabalindisango etabernakele;* oyise babemele ikamu* likaJehova bengabalindisango.
20 UFinehasi indodana ka-Eleyazare wayengumbusi phezu kwabo ngesikhathi esidlulileyo. UJehova wayenaye.
21 UZakariya indodana kaMeshelemiya wayengumlindisango etendeni lokuhlangana.
22 Bonke labo ababekhethiwe ukuba babe ngabalindisango babe ngamakhulu amabili neshumi nambili. Babhalwa ngezizukulwane emizaneni yabo, bamiswa ngoDavide noSamuweli umboni ezikhundleni zabo.
23 Bona nabantwana babo babephethe amasango endlu kaJehova, indlu yetende, belinda.
24 Abalindi babekhona ezinhlangothini ezine: ngasempumalanga, nangasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu.