24 Abalindi babekhona ezinhlangothini ezine: ngasempumalanga, nangasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu.
25 Abafowabo emizaneni yabo babeyakungena emva kwezinsuku eziyisikhombisa njalo izikhathi ngezikhathi ukuba babe nabo,
26 ngokuba abalindi abane abakhulu ababe ngamaLevi babe sesikhundleni njalo, bephethe amakamelo nengcebo endlini kaNkulunkulu.
27 Bahlala ebusuku bezungeza indlu kaNkulunkulu, ngokuba kwakungokwabo ukuyilinda, kwakungokwabo futhi ukuyivula ekuseni imihla ngemihla.
28 Abanye babephethe izitsha zenkonzo, ngokuba zangeniswa ngokubalwa, zakhishwa ngokubalwa.
29 Abanye kubo babemiselwe impahla, nezitsha zonke zendlu engcwele, nempuphu, newayini, namafutha, nenhlaka, namakha.
30 Abanye bamadodana abapristi bagxoba amakha aba ngamafutha.